[('zu.input.test.jpg', ['ubekwa yini kulendawo yezihlakaniphi. Futhi kuba khona\nisikhathi lapho omunye nomunye exoxa ngezigigaba ake wa-\nhlangabezana nazo empilweni yakhe. Kuphoqelekile ukuthi\nkube yizigigaba zobuhlakani bobugebengu. Kazi uVusi yena\nuyothamunda ziphi? Isikhathi sokuklwejwa kombhalo owu-\nphawu engalweni noma esifubeni sona uyosenzenjani?\n\nNgomuso oVusi bathathwa ngezinqola, basiwa ezindaweni\nezahlukahlukene lapho babeyosebenza khona. Phela ngenkathi\niJaji limgweba uVusi lalithe: "IMINYAKA EYISHUMI UYAKU-\nSEBENZA KANZIMA EJELE."\n\nUVusi wafika kahle ejele kusentwasahlobo. Umsebenzi\nwangalesosikhathi muningi futhi udinga nezisebenzi ezithe\nxaxa.\n\nAbanini masimu banazo izisebenzi ezakhe epulazini kodwa\nngalesisikhathi umsebenzi uye ube ngaphezu kwamandla azo.\nNjengoba lamasimu ondla umphakathi kuye kuthathwe labo\nabehlulekayo ukuphilisana nawo ukuze basebenzele wona.\n\nUVusi wayengawuthandi lomsebenzi, kodwa ephoqelekile\nukuba awenze. Phela lokho kusebenza kanzima kwakuyisije-\nziso sakhe sokukhipha umphefumulo. Ngakho-ke kwakufanele\najeze ethanda noma engathandi.\n\nUma kugqilazwa iziboshwa emajele kusukwe kuqondiswa\nizigwegwe kuzo. Umthetho usuke unikeza izephulamthetho\nisifundo; ukuze zithi lapho seziphuma ejele zikwazi ukuphili-\nsana kahle nomphakathi.\n\nUMaRadebe wayengazi ukuthi naye uyoze akholiseke\nkangako emzini kaMangethe. Kodwa-ke indlela asehlupheke\nngayo ngecala lendodana yabo, emphefumulweni nasenya-\nmeni, usehambela nezindawo ayengakaze acabange elubhada\nolwakhe kuzo.\n\nOlwanamhlanje uhambo lumbeka esimweni sokukhuluma\numlomo nomlomo nendodana yakhe osekuyisikhathi agcina\nukukhuluma nayo. Wayegcine ukukhuluma nayo ekuseni mhla\nzingama 20 kuSeptemba. Ngaphambi kokuba yaziwe njengo-\nmbulali, nangaphambi kokuba ibe yisiboshwa. Uhambisana\nnomyeni wakhe kanye namadodakazi abo omathathu.\n\nOgqayinyanga basesangweni babalayela ihhovisi ababezo-\nqala kulo ukuze bathole yonke imininingwane ephathelene\nnokubonwa kukaVusi. Kulelo hhovisi banikezwa ipheshana\nelalibagunyaza ukuba kulezozakhiwo kepha, ngaphansi kwe-\nmigomo ethile. Babenqunyelwe isikhathi sokuxoxa nalowo\n\n33\n'])]